fbpx Skip to content

Umhlahlandlela Oyisethulo Sokuba Netayitela Endaweni Noma Esakhiweni Esihlanganyelwayo

    Siyakwamukela!

    Ukuze sikusize njengomnikazi wesakhiwo uqonde izinzuzo eziyisisekelo, imithetho kanye nemithethonqubo yokuba umnikazi wendlu Endaweni Noma Esakhiweni Esihlanganyelwayo (Sectional Title Development Scheme), i-Enterprises University of Pretoria Proprietary Limited, ngokubambisana ne-Sectional Title Solutions (Pty) Ltd kanye nabanye ongoti kulo mkhakha baye benza lesi sifundo (course) samahhala nesilula. Ngaphezu kwalokho ungakwazi ukufinyelela izinto zokufunda ngesiNgisi, isiBhunu, isiZulu, isiXhosa nangeSepedi.

    Umhlahlandlela Oyisethulo Sokuba Netayitela Endaweni Noma Esakhiweni Esihlanganyelwayo uyisifundo sokuqala ongazitholela sona, futhi ziningi ezinye esihlele ukuzenza. Njengamanje i-TRACS ibhala izifundo eziningana ezengeziwe, kusukela esifundweni esiyisethulo kuze kuyofika esifundweni esithuthukile salabo abanetayitela Esakhiweni Esihlanganyelwayo, kanye nezinye izifundo ezengeziwe, ezifundisa izihloko ezibalulekile njengokulungiswa kwesimo sezimali Sesikimu Somphakathi wakho.

    Ababambiqhaza abaphothula lesi sifundo bangase bafanelekele ukuthola izephulelo ezihlukahlukene kanye nezinto ezikhethekile ezivela kubahlinzeki bezinkonzo kulo mkhakha ngokuphathelene Nokuba Netayitela Esakhiweni Esihlanganyelwayo, nangokuphathelene nabo ngokwabo.

    Amacebiso Okusebenzisa

    Nanka amacebiso ambalwa angenza kube lula ukusebenzisa lesi sifundo:

    • Chofoza inkinobho ethi qhubeka ukuze ubone okulandelayo  
    • Chofoza izithombe ukuze uzikhulise
    • Chofoza inkinobho ethi dlala ukuze ubukele ividiyo  
    • Naka iziqondiso ezisesikrinini, ukuze zikuqondise kulesi sifundo
    • Qaphela amagama agqamile awumbala onsomi ngoba axhumana nesichazamazwi
    • Ukuze uzuze ngokugcwele kulesi sifundo, zama ukuqeda iSahluko ngasinye ngokulandelana. Nokho, ungakwazi ukuya kunoma yisiphi iSahluko uma uthanda
    Isingeniso Ubunikazi Bendawo Eyisigaba – Izinzuzo Ubunikazi Bendawo Eyisigaba – Okungokwakho, imisebenzi yakho kanye nezibophezelo Amalevi Imihlangano yabanikazi Abaphatheli I-Ejenti Ephethe Umshwalense Izinsiza Zezikhalazo Zezikimu Zomphakathi
    Back To Top
    Search